OWEZIFAZANE USEBE NEZINZIPHO EZINDE EZANDLENI KUSUKELA NGO-1997, AKAFUNI UKUZINQUMA
Owesifazane waseMinnesota, eMelika, uDiana Armstrong, usehehe abantu abaningi emhlabeni ngenxa yezinzipho zakhe ezinde ngendlela engajwayelekile, osekumenze wangena emlandweni weGuinness World Records.
UDiana uthi akakaze azinqume izinzipho zakhe kusukela ngo-1997, okusho ukuthi sekuphele cishe amashumi amathathu eminyaka ezikhulisa. Izinzipho zakhe zonke uma zihlanganiswa zilinganiselwa kumamitha angu-13.06 ubude, okuyisilinganiso esimenze wahlonishwa yiGuinness World Records.
Ngenxa yobude obungaka, abantu abaningi bayazibuza ukuthi ukwaze kanjani ukwenza izinto ezijwayelekile zansuku zonke, njengokusebenzisa indlu yangasese, ngaphandle kokulimaza izinzipho zakhe noma ukuthola ubunzima.

Engxoxweni abe nayo neGuinness World Records, uDiana uchaze ukuthi usezijwayeze izindlela ezithile ezimsiza ukuthi akwazi ukuzikhulula nokwenza eminye imisebenzi yansuku zonke naphezu kobude bezinzipho zakhe.
Indaba yakhe isaqhubeka nokumangaza abantu abaningi, njengoba kunzima kwabanye ukucabanga ukuphila iminyaka eminingi kangaka bengazinqumi izinzipho.
Buka ividiyo yakhe 👇

