3 Nov 2026, Tue

UKHOZA UNXUSA ABALANDELI BEBHOLA UKUTHI BAYOVOTA NGOLOLWESITHATHU

UKHOZA UNXUSA ABALANDELI BEBHOLA UKUTHI BAPHUME NGOBUNINGI BAYOVOTA NGOLOLWESITHATHU

Usihlalo wePremier Soccer League (PSL), uDkt Irvin Khoza, usecele wonke amakilabhu angu-32 angaphansi kwePSL kanye nabalandeli bebhola ukuthi babambe iqhaza okhethweni oluzoba ngoLwesithathu, mhla ka-4 kuLwezi (November) 2026.

UKhoza unxuse abathandi bebhola ukuthi baphume ngobuningi babo bayovota, egcizelela ukubaluleka kokuthi wonke umuntu abambe iqhaza kulolu hlelo lokuvota.

Usho lokhu ngesikhathi ekanye noMengameli we-African National Congress (ANC), uCyril Ramaphosa, emkhankasweni wokukhuthaza umphakathi ukuthi ubambe iqhaza okhethweni.

Lesi sicelo siza ngesikhathi amaqembu ezombusazwe eqhubeka nemikhankaso yawo yokunxenxa abavoti ngaphambi kosuku lokhetho.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *