UTHISHA UHLANGABEZWE YISOKA LAKHE EBUYA EMSEBENZINI, LAMDUBULA WASHONA EMGWAQENI
Kudabuke umphakathi waseHarding kulandela isigameko esibuhlungu lapho kubikwa ukuthi uthisha waseMzinhlanga Primary School, uNomfundo Mteshane, udutshulwe wabulawa yisoka lakhe ngesikhathi ebuya emsebenzini.
Ngokusho kwemibiko, izolo isoka lifike emzini wakuboNomfundo endaweni yaseZamani kaMachi eHarding, labuza ukuthi ukuphi. Umndeni walitshela ukuthi ubengakabuyi emsebenzini.
Kuthiwa isoka lacela ukuthi bamfonele, kwathi ngesikhathi ephendula uNomfundo wathi useseduze nasekhaya. Kusolwa ukuthi isoka labe selimlinda emgwaqeni, kwathi lapho efika lamdubula washona khona.
Ngemuva kwalesi sigameko, kubikwa ukuthi umsolwa waya emzini kamalume wakhe eNgolweni. Kuthiwa wafika waxosha umakhelwane ethi umndeni ufuna ukulungisa izindaba zawo wodwa. Kuthe umakhelwane esephumile, kwezwakala ukuqhuma kwesibhamu.
Imibiko ithi umsolwa wadubula unkosikazi kamalume wakhe, naye washona ngenxa yamanxeba okudutshulwa.
Kuthiwa cishe ngemuva kwamahora amabili, umsolwa naye wazidubula washona.
Okwamanje amaphoyisa kulindeleke ukuthi aqhubeke nophenyo ukuze kutholakale imbangela ephelele yale nhlekelele.
Lesi sigameko siphinde savusa ukukhathazeka ngodlame olubhekiswe kwabesifazane kanye nodlame oluthinta abantu abasondelene nabo.

