12 Jul 2026, Sun

UDanny Jordan usolwa ngokusebenzisa budedengu izimali zeSafa

UDanny Jordan usolwa ngokusebenzisa budedengu izimali zeSafa

Isikhulu seSouth African Football Association, uDanny Jordaan, sibhekane nemibuzo ebucayi mayelana nokusebenza kwezimali kwale nhlangano.

UJordaan ubevele phambi kweKomidi lezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko ephalamende lapho ebephendula khona izitatimende mayelana nesamba esikhulu semali esetshenziswe ezindlekweni zokuhamba nezemidlalo.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule uMnyango wezeMidlalo kwadingeka utakule iSafa ngo-R5-million ngesikhathi ihluleka ukukhokhela amabhonasi abadlali beqembu lesizwe iBafana Bafana neBanyana Banyana.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *