28 May 2026, Thu

UMashonisa (45) udutshulwe  wabulawa ngesikhathi eshayela  eya ekhaya eDuduza

UMashonisa oneminyaka engu-45 ubudala udutshulwe  wabulawa ngesikhathi eshayela  eya ekhaya eDuduza.

ZISALE zibuhlungu izinhliziyo  zabantu eDuduza ngemuva kokuthi abasolwa abangaziwa bebulale umashonisa baphinde bantshontsha amakhadi asebhange abewagcinele amakhasimende abo, bakhipha yonke imali yabo kuma-ATM emadolobheni aseduze.

Owesilisa oneminyaka engu-45 ubudala laseBluegum, eDuduza lidutshulwe labulawa izolo ebusuku lihamba ligoduka.

Abantu abaningi asebekhulile babuthane ngaphandle komuzi wakhe ababengamakhasimende akhe futhi bemnike amakhadi abo asebhange ukuze bakhokhe imali ebolekiwe. Kukholakala ukuthi abasolwa bathathe amakhadi emotweni yakhe ngemuva kwesigameko.

Imali evela kuma-akhawunti axhumene nalawo makhadi ikhishwe kuma-ATM ahlukene eBrakpan, Germiston, naseBoksburg.

Umthombo: https://www.facebook.com/share/p/14tgGzYou2/

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *