Ingane yentombazane (3) ilunywe yizinja yashona eKurhuleni
Intombazane eneminyaka emithathu ubudala ihlaselwe yiqulu lezinja ezilinganiselwa ku-5 emijondolo yaseMarathon, eKurhuleni, ngezithuba zabo-05:00. ngolwesihlanu. Ingane ishone iphuthunyiswa esibhedlela.
Ngokusho kwekhansela lendawo uGeoffrey Mthembu, unina wengane uxinwe wumdlavuza. Uzibophezele ekusizeni umndeni uvule icala emaphoyiseni. Umnikazi wezinja, okubikwa ukuthi uyaziwa yizakhamizi, ubalekele endaweni ngemuva kokucekelwa phansi komjondolo wakhe ngamalungu omphakathi abethukuthele eveva.
I-SPCA yeluleke ukuthi kuvulwe icala kwa-SAPS futhi isivumile ukusebenzisana nemiphakathi yaseMarathon naseDelport ukuze kugonywe izinja kanye nemizamo yokulawula. Ezinye izinja zisagcwele amathafa, ezinye zakhandwa ngamatshe ngabantu bendawo.
Okhulumela amaphoyisa uCol. Dimakatso Nevhuhulwi ukuqinisekisile ukuthi alikho icala elisemthethweni elibhalisiwe.

