28 May 2026, Thu

Owayeyiphoyisa ugwetshwe udilikajele ngecala lokubulala intombi yakhe ngesibhamu somsebenzi 

Owayeyiphoyisa ugwetshwe udilikajele ngecala lokubulala intombi yakhe ngesibhamu somsebenzi 

Inkantolo enkulu yasePitoli igwebe owayeyiphoyisa udilikajele ngokubulala intombi yakhe eyayiqeda ubudlelwano bayo naye.

UKgabo Vincent Rammutla ugwetshwe ngokubulala intombi yakhe eneminyaka engu-29 ubudala uLisbeth Seloma ngo-2017.

Ngaphambilini iTimesLIVE ibike ukuthi lesi sigameko senzeke emzini wezithandani eMamelodi lapho beziqashe khona igumbi elingemuva.

Ngobusuku besigameko sokubulala kwaqubuka ingxabano ngemuva kokuthi uSeloma etshele uRammutla, 41, owayesebenza esiteshini samaphoyisa e-Eersterust, ngesinqumo sakhe sokuqeda ubudlelwano babo bahlukane. Ngesikhathi kuqhubeka ingxabano, uRammutla wamdubula amahlandla amaningi ngesibhamu sakhe somsebenzi.

Okhulumela i-Independent Police Investigative Directorate (Ipid) uLizzy Suping uthe amaphoyisa abiziwe athola uRammutla ephuma igazi ekhanda amkhipha izikhali.

“Intombi itholwe ilele edamini legazi. Abezimo eziphuthumayo babiziwe base bethi intombi isishonile,” kusho uSuping.

URammutla kuthiwa wazama ukuzibulala ngokuzidubula ekhanda kodwa wasinda.

Waboshwa waphuthunyiswa esibhedlela ukuze athole ukwelashwa.

USuping uthe udaba luqale lwangena enkantolo yeMamelodi ngaphambi komqondisi wezokushushiswa komphakathi, i-Ipid yakhipha umyalelo wokuthi lidluliselwe enkantolo enkulu ukuze liqulwe.

“URammutla utholwe enecala lokubulala wagwetshwa udilikajele,” kusho uSuping.

 

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *