Ugwetshwe iminyaka engu-25 ebhadla ejele iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngoMsombuluko.
USibusiso Ncengwa ugwetshiwe ngemuva kokuvuma icala lokubulala umholi wentsha ye-ANC uSindiso Magaqa
Ugwetshwe iminyaka engu-25 ngamacala okwakha itulo lokubulala, engu-25 ngelokubulala, engu-15 ngamacala amathathu okuzama ukubulala, eyisishiyagalolunye ngokucekela phansi impahla, engu-10 ngokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nonyaka owodwa ngokutholakala nezinhlamvu ezingekho emthethweni. Izigwebo kufanele zisebenze kanye kanye.
UNcengwa usedonsa iminyaka engu-95 ebhadla ejele ngamacala okugebenga ehlomile.
Ummeli kammangalelwa, u-Adv Andrew Matlamela, unxuse inkantolo ukuthi ikhiphe isigwebo esincane, wathi ikhasimende lakhe likhombise ukuzisola ngokulivuma icala. Kodwa-ke, umshushisi, u-Advocate Elvis Gcweka, utshele inkantolo ukuthi umndeni kaMagaqa ubhekene nengwadla yokwamukela ukulahlekelwa kwawo kanti unina uvele ahlengezele izinyembezi uma kukhulunywa ngokufa kwendodana yakhe.
Abanye abasolwa abathathu okunguSbonelo Myeza, Mbulelo Mpofana noMlungisi Ncalane babhekene namacala okwakha itulo lokubulala, ukubulala, ukuzama ukubulala, ukutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni nezinhlamvu nokucekela phansi impahla.
UNcalane kumenyezelwe ukuthi akakulungele ukuqulwa icala ngemuva kwemibiko emibili yodokotela bengqondo eveze ukuthi ugula ngengqondo. Uyisiguli esibhedlela iNapier eMgungundlovu.
Icala labanye abasolwa ababili lihlelelwe u-Okthoba.

