25 Apr 2026, Sat

Kushone abantu abahlanu engozini enyantisayo eyenzeke eDokodweni, eGingindlovu

 

UNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal uMnuz Siboniso Duma
ugunyaza i-RTI ukuthi iqinise izinyathelo zokuphepha emgwaqeni ngaphambi kokuvulwa kwezikole.

Ngemuva kweholidi lasebusika obekukade liphephile, sisanda kuthola umbiko ovela ethimbeni lethu elizinikele elivela kwaRoad Traffic Inspectorate ongazisa ngengozi enyantisayo ku-R66 Nyezane eGingindlovu, kusho uDuma.

Nakuba amathimba e-RTI, Uphiko Lwezemisebenzi Yamaphoyisa aseNingizimu Afrika, kanye nabezimo eziphuthumayo besamatasatasa nemisebenzi yokuhlenga, sifisa ukuveza ukuthi ngeshwa abagibeli abahlanu bashonele endaweni yesigameko:

1. Abantu abadala abathathu;
2. Izingane ezimbili.

Ngokusho kwabakwaRTI, iHyundai Grand i10 ibithutha abagibeli abayisishiyagalombili. Babesuka kwaNongoma bebheke eThekwini. Abanye abagibeli abathathu bemoto eyodwa basindile.

Emotweni yesibili, iFord Ranger LDV emhlophe, bekunabagibeli abane abasindile.

Babehamba bebheke eGingindlovu.

Imibiko yokuqala ikhomba ukuthi iFord Ranger LDV yehlulekile ukuyilawula yashayisana mahlanze neHyundai Grand i10.

Sidlulisa amazwi enduduzo emindenini yabashonelwe futhi cela abashayeli bezimoto babekezele njengoba yomibili imizila isavaliwe.

Sizothumela izibuyekezo eziningi njengoba ubusuku buqhubeka.

Njengoba sesibheke ukuvulwa kwezikole, ngijube i-RTI ukuthi iqinise izinyathelo zokuphepha emgwaqeni.

Lombiko ukhishwe nguNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu

Ngemibuzo

Ndabeznhle Sibiya | 082 375 4742 | Umkhulumeli | UNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *