19 Apr 2026, Sun

I-DA ithi kunenkohlakalo ngenkontileka zokulungisa umgwaqo uLilian Ngoyi eGoli

I-DA ithi kunenkohlakalo ngenkontileka zokulungisa umgwaqo uLilian Ngoyi eGoli

I-DA eGoli ikholelwa ukuthi kunenkohlakalo ngezinkontileka zokulungisa umgwaqo uLilian Ngoyi.
Ifuna ukwazi ukuthi kwenzekani ngemali eyakhokhelwa usonkontileka wokuqala.

Lokhu kulandela isimemezelo seMeya uDada Morero sokuthi kusetshenziswe u-R82-million ukulungisa lo mgwaqo.

Umgwaqo wonakala ekuqhumeni kwegesi engaphansi komhlaba ngoJulayi 2023.

“Kuyashaqisa ukuthi sibona itiyela esikhundleni sokulungisa umgwaqo, futhi sikholwa wukuthi kukhona okungahambi kahle,” kusho uBelinda Kayser-Echeozonjoku, umholi wekhokhasi yeDA eGoli.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *