Umkhandlu uxwayisa ngokuthi awekho amatekisi azongena emigwaqeni yaseThekwini kusukela ngoLwesine
UMkhandlu wamatekisi kaMasipala weTheku ukuqinisekisile ukuthi awekho amatekisi omphakathi azoba semigwaqeni yedolobha kusukela ngoLwesine kuya phambili.
Lo mkhandlu ungaphansi kweSouth African National Taxi Council (Santaco).
USihlalo uMathula Mkhize uthi ososeshini bezifunda zedolobha bazohlangana ukuze baqinise lesi sinyathelo ngoLwesithathu ekuseni ngemuva kokuthi imizamo yokuxoxisana nomasipala emasontweni amabili edlule ibhuntshile.
“ Nginesiqiniseko sokuthi sizobe sesiyazi iminingwane yonke le nto kodwa asikubizi ukuthi kube yisiteleka. Awekho nje amatekisi ngoba uma sithi siyateleka sisuke sishaya bani ngoba asibatholi abaholi bakahulumeni abazosilalela.”
UMkhize uthi isiteleka esiqhubekayo KwaDabeka naseClaremont esiqale ngoLwesibili yisona sizathu.
Ososeshini bamatekisi kule ndawo abaneme ngokuboshwa kwamakhumbi abalelwa ku-30 ngesonto eledlule.

“Bekungekona ukungajabuli ngokuboshwa ngoba ezinye izimoto, amatekisi, abashayeli bafanelwe ukuboshwa. Kodwa ukuboshwa, okungekho encwadini yemithetho, esiyithumele ngefeksi. Ukuqiniswa komthetho okungekho emthethweni, futhi yilokho esifuna ukukubeka etafuleni.
“Ngakho-ke ngeke ngisho ukuthi ngiduduzeke uma sithi amatekisi akufanele aboshwe. Nakanjani akunjalo. Siyakudinga ukuqiniswa komthetho, kodwa kufanele kube nebhukwana elilodwa, imanuwali eyodwa, esiyiqondayo ngoba kungenzeka ukuthi siyifunda ngendlela ehlukile.”

