Ummeli (37) waseZambia uthi akumkhathazi nakancane ukugconwa ku-inthanethi ngendlela abukeka ngayo
Ummeli oneminyaka engu-37 ubudala ozinze eZambia uNaomie Pilula ukhombise amandla ayisimanga ngemuva kokugconwa ku-inthanethi ngokubukeka kwakhe.
Okuqale njengezithombe azishuthe zona kusheshe kwadonsa ukuphawula okukhahlamezayo nokungenamusa, abanye abantu bezama ukumdicilela phansi bethi “mubi futhi uyethusa”
Kunokuba aphendule ngentukuthelo, uNaome wasisingatha ngobuhlakani lesi simo ngomusa nangesizotha, wazuza ukunconywa ngabaningi.
Uthi ukugconwa ngabantu akuyona into ezomthena amandla ngoba uyazi ukuthi umuntu udalwa nguNkulunkulu, hhayi abantu.




📸Naomie Pilula

