22 Septhemba 2025: Abukho Ubumnyama Obuzayo
Izinkundla zokuxhumana zigcwele izinsolo zokuthi umhlaba uzoba mnyama phakathi kuka-22-25 Septhemba 2025-abanye baze bathi umhlaba uzogoqa kodwa ake sicacise: lokhu kungamanga.
Ubumnyama emini kwenzeka kuphela ngesikhathi sokufiphala kwelanga, lapho inyanga ivimba ilanga. Ukufiphala kwelanga okulandelayo kweNingizimu Afrika kuzophela mhla zingu-25 kuLwezi 2030, futhi nalapho, kuthatha imizuzu embalwa nje.
Okuzokwenzeka mhla zingu-22 kuMandulo i-Equinox—isenzakalo esingokwemvelo lapho imini nobusuku kuyalingana. Kucashile futhi akuyona into ozoyibona ngeso lenyama.
Asikho isidingo sokwethuka.Niyezwa???
#EzendawoNews #ezendawo #zikwazisangezindabazasendaweni

