Abasebenzi besitolo sobucwebe bahlaselwe bekhonjwe ngezibhamu ngesikhathi kubanjwa inkunzi eThekwini
Izigebengu ebezihlomile zigasele esitolo sobucwebe enxanxatheleni yezitolo eThekwini,zikhimbe abasebenzi ngezibhamu ngaphambi kokuba zibaleke ngezimoto ezimbili nezimpahla ezebiwe.
Iqulu lamadoda alinganiselwa ku-10 abehlomile agasele esitolo sobucwebe enxanxatheleni yezitolo edumile enyakatho yeTheku namuhla, aphuma nenqwaba yobucwebe engadalulwanga.
INorthglen News ibike ukuthi okhulumela iReaction Unit South Africa uPrem Balram uthi amaphoyisa athunyelwe ngo-11:54 ngemuva kokuthi abathengi abaningi bebabize ngokuphuthuma.
“Lapho sifika, amaphoyisa ethu aqinisekisa ukuthi abasolwa bangene esitolo, babamba abasebenzi ngezibhamu base beba ubucwebe ngaphambi kokuba babaleke endaweni yesigameko,” kunezela uBalram.
Izigebengu zibaleke ngemoto yohlobo lweToyota Etios esiliva neToyota Starlet eluhlaza okwesibhakabhaka. Ukubhaliswa kwezimoto akwaziwa okwamanje.
Akubikwanga muntu olimele. Uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka.
Inxanxathela yezitolo ayitholakalanga ukuthi iphawule.

