18 Apr 2026, Sat

Abalaleli Bacela iGagasi FM Lifake uMr Magic Ohlelweni Lokuhlukanisa Unyaka Lwango-31 December

Abalaleli Bacela iGagasi FM Lifake uMr Magic Ohlelweni Lokuhlukanisa Unyaka Lwango-31 December

Abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana bacela iGagasi FM ukuthi lifake uLinda “Mr Magic” Sibiya phakathi kwabasakazi abazoshaya umoya mhla ka-31 December, ngesikhathi sokunqamula unyaka.

Lokhu kulandela ukujabulisa abaningi kuka Linda Sibiya, owaziwa kakhulu ngoMr Magic, ngemuva kokuzwakala kwakhe emoyeni ohlelweni lwasekuseni iThe Uprising, olushayelwa ngu Felix Hlophe no Minnie Ntuli kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.

UMr Magic uyingxenye yalolu hlelo njengomethuli wezivakashi (guest presenter). Uqale ukuzwakala emoyeni ngoMsombuluko mhlaka 15 December, kanti kulindeleke ukuthi agcine ukuzwakala kusasa ngoLwesihlanu.

Abalaleli bathi indlela akhuluma ngayo, amandla awalethe ohlelweni kanye nokuxhumana kwakhe nabalaleli kube nomthelela omkhulu ekujabuliseni uhlelo. Ezinkundleni zokuxhumana, abaningi sebeveze isifiso sokuthi iGagasi FM ;ilalele izikhalo zabo njengabalaleli bese bemfaka ohlwini lwabasakazi abazohola uhlelo lokunqamula unyaka ngo-31 December 2025.

Kuthiwa ukubuyiswa kukaMr Magic ngisho noma kungokwesikhashana sekuphakamise imizwa yabantu abaningi, abanombono wokuthi angaba yisengezo esinamandla ohlelweni lwangaleso sikhathi esikhethekile sonyaka.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *