Sekuphele Amasonto Amabili Intombazane Eneminyaka engu-15 ubudala Ilahlekile
Umndeni wentombazane eneminyaka engu-15 ubudala yaseMarlboro ucela usizo emphakathini ngemuva kokuduka kanti sekuphele amasonto amabili ingabonwa.
Ukunyamalala kungazelelwe kukaThandiwe Mbuli kushiye umndeni wakhe kanye nomphakathi ukhathazeke kakhulu ngokuphepha kanye nokuphila kahle kwakhe.
Ngokusho komele umndeni,uthe yonke imizamo yokuthola uThandiwe ayiphumeleli kuze kube manje, okuholele ekutheni bafune ukwesekwa kabanzi emphakathini ngokusebenzisa abezindaba nezinkundla zokuxhumana.
Uma unolwazi sicela uthinte ku-071 018 3802.

