24 Apr 2026, Fri

Kutholakale Owesifazane Obebhince Ibhayi Lezangoma Eshonile eSkhawini

Kutholakale Owesifazane Obebhince Ibhayi Lezangoma Eshonile eSkhawini

Kutholakale owesifazane obebhince ibhayi lezangoma elele phansi eseshonile esigangeni endaweni yaseSkhawini, eNsimbini.

Ngokwemibiko yokuqala, imbangela yokushona kwakhe ayikaziwa okwamanje. Kuthiwa akukho zimpahla ezilahlekile njengoba ifoni yakhe kanye nesikhwama kutholakale kuseceleni kwakhe, okwenze kwangabikho zimpawu zokuphanga.

Lesi sigameko sishiye umphakathi umangele futhi ukhathazekile. Ngemuva kokutholwa kwakhe kube sekwenziwa imizamo yokuthola umndeni kamufi kanye nokwazisa abezomthetho ukuze umzimba uthathwe uyiswe emakhazeni.

Uphenyo lusaqhubeka ukuze kutholakale imininingwane egcwele mayelana nokushona kwakhe.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *