24 Apr 2026, Fri

Intombazane (8) Itholwe Ibulewe kaMakhelwane, Ifakwe Emphongolweni Wamanzi

Intombazane (8) Itholwe Ibulewe kaMakhelwane, Ifakwe Emphongolweni Wamanzi

Utholakele ebulewe uNaledi Ramaisa, oneminyaka engu-8 ubudala, obebikwe njengodukile endaweni yaseSenekal, eFree State.

Ngokwemibiko yamaphoyisa, umzimba kaNaledi utholakale emzini kamakhelwane ngemuva kokuthi amaphoyisa ezwe iphunga elingajwayelekile elaliphuma khona. Kuthiwa ngesikhathi kuqala uphenyo, abazali bakulo muzi bebengekho ekhaya, kanti kwakukhona indodana yabo eneminyaka engu-16 ubudala.

Amaphoyisa abuyele kulo muzi,afike agqekeza angena ngaphakathi, athola isidumbu sengane sifakwe emphongolweni wamanzi.

Kubikwa ukuthi izolo amaphoyisa aye esikoleni ayobopha lo mfana, okuthiwa wavuma icala. Uthe uNaledi wayemshaye ngwtshe ethi bayadlala, kwathi lapho ebona ukuthi ingane isiqulekile ingasavuki, wanquma ukuyifaka emphongolweni wamanzi wawvala.

Lapho ebuzwa imbangela yokumshaya, kuthiwa umsolwa uthe ingane ibintshontsha amapetshisi ekhaya labo.

Amaphoyisa aqinisekise ukuthi uphenyo luyaqhubeka, kanti umsolwa kulindeleke ukuthi avele enkantolo yezingane maduze.

Lesi sigameko sishiye umphakathi waseSenekal uthukile futhi udabukile, abaningi becela ukuthi ubulungiswa benzeke ngokushesha.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *