Inkabi Eyabulala Iphoyisa Igwetshwe Iminyaka Eyi-15 Ejele
Inkabi eyadubula yabulala uSajini Joseph Kutu (43), obeyesebenza kuWitbank Tactical Response Team, ugwetshwe iminyaka eyi-15 ejele. Lesi sigameko kuthiwa sahlelwa unkosikazi wakhe, uPatricia Kutu, ngoNtulikazi ka-2021.
Ngokombiko weSAPS eMpumalanga, uKutu wadutshulwa ngesikhathi efika ekhaya eVosman, eMalahleni, evela emsebenzini. Kuthiwa ngesikhathi efika, unkosikazi wakhe wayengekho ekhaya kodwa wafika kamuva wangena endlini nabasolwa ababili ababe sebevulela ngenhlamvu. UKutu washonela esibhedlela ngenxa yokulimala.
Uphenyo olwenziwa uphiko lweHawks olubhekele ubugebengu obuhleliwe lwaholela ekuboshweni kwabasolwa ababili, kwatholakala nezibhamu ezimbili zomsebenzi – isibhamu esincane nesibhamu eside. Kamuva kwaboshwa nonkosikazi kamufi njengoba kusolwa ukuthi laba abathathu bahlela ukubulala.
Bonke abasolwa banqatshelwa ibheyili ekuqaleni, kodwa unkosikazi kamufi wagcina ededelwe ngebheyili ka-R10 000 ngemuva kokudlulisa isicelo.
Ngo-11 kuNhlolanja 2026, uXolani Ndabezitha (29) uvume icala wagwetshwa iminyaka eyi-15 ejele. Omunye wabasolwa, uBonginkosi Langa, naye uveze inhloso yokuvuma icala, kanti udaba lwakhe luzoqhubeka ngo-18 kuNhlolanja 2026.
Unkosikazi kamufi kulindeleke ukuthi avele enkantolo ngomhlaka-17 kuMasingana 2028.

