8 Apr 2026, Wed

Umhlengikazi ubulawe isoka lokufika, amaphoyisa asathungatha umsolwa

Umhlengikazi ubulawe isoka lokufika, amaphoyisa asathungatha umsolwa

Amaphoyisa ase Orange Farm asathungatha umsolwa odabuka e Mozambique kulandela ukubulawa kowesifazane ongumhlengikazi uPalesa Motseki.

Lesi sigameko kuthiwa senzeke endaweni yase Drieziek Extension 4 mhla zingu-26 kuNhlolanja (February) 2026. Kubikwa ukuthi umsolwa, okuthiwa ubeyisoka lakhe, wambhoboda ngommese waze washona.

Unina kamufi uthi wathola indodakazi yakhe ilele ebhavini igcwele igazi isishonile, into eyamshiya edangele kakhulu.

Kuthiwa ngemva kokwenza lesi senzo esesabekayo, umsolwa wathatha izinto zikamufi okubalwa kuzo umazisi, amakhadi asebhange, ilayisensi yokushayela, kanye namafoni amabili. Uphinde wathatha nemoto yakhe yohlobo lwe Hyundai Tucson ebomvu wabaleka nayo.

Kubikwa ukuthi mhla zingu-28 kuNhlolanja umsolwa wasebenzisa amakhadi asebhange ukukhipha wonke umholo kaPalesa owawusanda kungena. Ube esegcina ukubonakala endaweni yase Komatipoort eduze komngcele weMozambique.

Amaphoyisa aseOrange Farm anxusa noma ubani ongaba nolwazi olungaholela ekuboshweni komsolwa ukuthi axhumane nawo ngokushesha ukuze kutholakale ubulungiswa kulolu daba olubuhlungu.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *