Uqhakambise ubuqotho unogada ubuyisele imali engu-R12 000 ayithole ku-atm kubaniniyo
Unogada osebenzela inkampani i Mbazwana Protection Services unconywe kakhulu emphakathini ngemuva kokukhombisa ubuqotho obukhulu lapho ebuyisela amakhasimende imali ayeyishiyile ku-ATM.
Lo nogada, uMnu Mdletshe, osebenza e Mbazwana Crossing, kuthiwa ngesonto eledlule uthole imali engu-R5 000 ku-ATM eyayishiywe ikhasimende. Akazange ayigcine, kunalokho walijaha lelo khasimende waze walinika imali yalo.

Ngokuhamba kwezinsuku ezimbalwa, kwenzeka esinye isigameko lapho elinye ikhasimende lashiya u-R7 000 ku-ATM. Nakhona uMdletshe wenza okufanayo – wayithatha imali wayibuyisela kumnikazi wayo.
Lesi senzo sakhe sishiye abantu abaningi bemncoma ngobuntu bakhe, ubuqotho kanye nonembeza wakhe. Abanye emphakathini bathi inkampani iMbazwana Protection Services inenhlanhla ngokuba nomsebenzi onobuqotho obungaka, futhi oyisibonelo esihle emphakathini.
Nokho, abanye abantu ezinkundleni zokuxhumana bathi lo mfo “udlala ngenhlanhla,” bethi amadlozi akubo amupha imali kodwa yena uyayibuyisela. Kodwa abaningi bavumelana ngokuthi ubuqotho bakhe bufanele ukunconywa nokuhlonishwa. 👏

