11 Jul 2026, Sat

Intombazane ithi inemizwa nobaba wayo ngemuva kokushona kukanina

Sanibona kwiSambane, ngicela usizo – Nginemizwa engiphazamisayo ngobaba ongizalayo.

Ngiyazi ukuthi lokhu engizokutshela khona kuzwakala kunzima kakhulu, futhi kuyindaba ezwelayo kakhulu. Ngonyaka odlule kwaba nzima kimi nasemndenini wami. Umama wami washona ngenxa yokugula, kwashiya mina nobaba wami kanye nomfowethu omncane. Mina ngangisafunda uGrade 12, umfowethu nje efunda uGrade 7. Kwakunzima kakhulu ukujwayela impilo ngaphandle kukamama.

Kodwa into eyenzeka ngesikhathi ngiseseduze nomama wami ngaphambi kokuba ashone, kwashiya into engiyiqondi kahle emzimbeni wami nangemoyeni wami. Ubaba wami, ngesikhathi engi-Hugger, engibamba isandla,engiduduza ngemuva kokushona kuka Ma kodwa kimi lapho kwavela imizwa engazi ukuthi iyini. Kusukela lapho, ngazizwa nginomuzwa othile, okungaphezulu kokuthandana njengomntwana nomzali. Ngizizwa nginomuzwa othandweni olujulile olungaphezu kokujwayelekile kubaba wami.

Manje sengiyazi ukuthi lokhu engikuzwayo akuvumelekile emphakathini, futhi ngaphansi komthetho, ubudlelwano bothando phakathi komzali nengane abuvumelekile. Kodwa emphefumlweni wami, ngizwa sengathi sengifuna ukuba nobudlelwano obunjalo nobaba wami. Angazi ukuthi ngizokwenza kanjani noma ngimtshele kanjani lokhu, futhi lokhu kwenza ngibe nenhliziyo ekhathazekile njalo uma ngimbona evakashela omunye wesifazane, ngizizwa ngingakhululekile.

Ngizizwa ngiphephile nobaba wami. Ngikholwa ukuthi angeke angilimaze, futhi lokho kwenza ngicabange ukuthi kungcono ukuba naye kunokuzama ukuthandana nabanye abantu. Kodwa futhi ngiyazi ukuthi lokhu akulungile, futhi akusiyo indlela evamile yokuphila noma eyamukelekile emndenini. Ngiyazama ukuqonda imizwa yami, kodwa kuyi-disaster nje kakhulu. Ngifuna ukuthola indlela yokubhekana nalokhu, kodwa angazi ukuthi ngiqale kuphi, noma ngikhulume kanjani ngale mizwa ngaphandle kokulimaza ubudlelwano bami nobaba, yingakho nginibhalela ngicela usizo.

Ngabe kukhona umuntu onganginika iseluleko, noma ongangichazela indlela yokubhekana nalokhu okungiphazamisayo? Ngizizwa ngilahlekile, kodwa futhi ngifuna ukuqonda imizwa yami ngaphandle kokwenza okungalungile.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *