INKOSI YAKWANYUSWA IPHOQWE YINKANTOLO UKUKHOKHA ISIKWELETI ESINGAPHEZU KUKA-R100 000 KUMASHONISA
INkantolo yeMantshi yaseThekwini (Durban Magistrate’s Court) ikhiphe umyalelo ophoqe iNkosi yakwaNyuswa, uMuziwenhlanhla Ngcobo, ukuba ikhokhele umashonisa imali esedlula u-R100 000, okuhlanganisa nenzalo, kulandela ukwehluleka ukukhokha isikweleti ngesikhathi obekuvunyelwene ngaso.
Ngokusho kukaBuyi Cele, owaboleka inkosi imali, ukuqala kwaba ukubolekwa u-R10 000. Kamuva inkosi yacela enye imali engu-R12 000, yaphinde yacela u-R40 000, okwenza isamba semali eyabolekwa safinyelela ku-R62 000.
UCele uthi wayesethembile ngoba wayesakhe ubudlelwano obuhle nenkosi kanye nomkayo.
“Bese ngakhe ubudlelwano nenkosi nomkayo, ngibethemba. Bengiyiboleka inkosi imali ukuze iqhube ibhizinisi layo lokuphakela ukudla ezikoleni. Bekuthi uma ikhokhelwa uhulumeni bese iyangibuyisela. Kulokhu ivele yangethembeka, nezingcingo kabazibambi,” kusho uBuyi Cele.
Kubikwa ukuthi amaphepha enkantolo aqinisekisa lesi sinqumo akhona.
Ngesikhathi kufunwa ukuphawula ngalolu daba, iNkosi uMuziwenhlanhla Ngcobo iqale yanqamula ucingo. Kamuva iphendule ngomlayezo wombhalo (SMS), yathi:
“I’m in meetings Mnewethu, but we’re aware of that business deal that didn’t materialize. We’re currently dealing with it. Thank you.”
Le nkosi iveze ukuthi iyalwazi lolu daba futhi isalulungisa, yathi luhlobene nesivumelwano sebhizinisi esingazange siphumelele njengoba bekulindelekile.

Umthombo wodaba: https://www.facebook.com/share/p/1FC77kYbr8/

