UVavi Uthi UbuZulu Bufundiswa Kusukela Ebuncaneni, Kanti Lokho Kunomthelela Ezimweni Ze-Xenophobia
UNobhala Jikelele we-SAFTU, uZwelinzima Vavi, uthi izingane ezingamaZulu zikhuliswa zifundiswa ukuzazi njengamaZulu zisencane, kunokuba ziqale zifundiswe ukuzibona njengabantu baseNingizimu Afrika.
UVavi uthi lokhu kungesinye sezizathu ezinomthelela ekutheni kube khona izimo zokungabekezelelani nabokufika (xenophobia).
Uphinde wathi amaZulu avame ukuzibeka phambili kunabanye abantu eNingizimu Afrika. Wengeze ngokuthi KwaZulu-Natal abantu bavame ukweseka kakhulu amaqembu ezepolitiki aholwa abantu abangamaZulu. Wenze isibonelo ngokuthi ngesikhathi uJacob Zuma ehola i-ANC, leli qembu lalithola ukwesekwa okukhulu esifundazweni, kodwa ngokusho kwakhe, ukwesekwa kwehla ngemva kokushiya kukaZuma ebuholini.
UVavi uphinde waqhathanisa iKwaZulu-Natal nezinye izifundazwe, ethi kwezinye izindawo kunezinhlanga eziningi namakhosi ahlukene, kanti KwaZulu-Natal kugqama isizwe samaZulu ngaphansi kweNkosi eyodwa.
#IsambaneNews #IzindabazeSambane #zwelinzimavavi #amazulu #xenophobia

