UFELE ENDLINI YENYANGA UMLISA OBEYOFUNA USIZO LWEZEMPILO
Kushone owesilisa ngemuva kokuthi kubikwe ukuthi ubeye eNyangeni endaweni yaseSite B, eKhayelitsha, efuna usizo lwezempilo.
Ngokusho kwemibiko, lo mlisa ubephelezelwe omunye umuntu ngesikhathi eya kule Nyanga. Kuthiwa ngenxa yesimo sakhe sokugula, ufike exhakathisiwe. Kuthiwa ngesikhathi engena ngaphakathi, utshelwe ukuthi ngaphambi kokwelashwa kwakudingeka aqale achathwe ukuze akhonjiswe umuntu okuthiwa ubangela ukugula kwakhe.
Kuthiwa bamchathile base bemdlalela ishidi elimhlophe odongeni ngenhloso yokuthi aboniswe lowo muntu okuthiwa uyamthakatha. Emva kwalokho, kubikwa ukuthi uphuziswe umuthi othile.
Ngokusho kofakazi, ngemva kokuphuza lowo muthi waqala ukukhuluma ngezinto ayethi uyazibona kodwa engaziqondi. Umuntu obemlinde ngaphandle uthi ubemuzwa ememeza ngaphakathi, ekhala ngokuthi ubona izinto ezimethusayo, waze wakhala ecela ukuthi bayeke ngoba bazombulala.
Kubikwa ukuthi lo mlisa wazama ukuphuma ebaleka, kodwa ngesikhathi ephuma waqala ukuba nenkinga yokuphefumula, wase ewa phansi. Abezimo eziphuthumayo babizelwa endaweni yesigameko, kodwa bafika lo mlisa eseshonile.
Amaphoyisa nawo afike endaweni yesigameko, avula uphenyo ngalolu daba. Kubikwa ukuthi iNyanga ithathiwe yayobuzwa imibuzo, kanti kuzophinde kuphenywe nokuthi ibisebenza ngokusemthethweni yini futhi inazo yini izimvume noma amaphepha adingekayo.
Imbangela yokushona kwalona mlisa isazoqinisekiswa uphenyo lwamaphoyisa kanye nemiphumela yokuhlolwa kwesidumbu.

