16 Sep 2026, Wed

Ingane yentombazane idlwengulwe yabulawa,yacwiywa izitho zomzimba, kuboshwe umfana (14)

Ingane yentombazane idlwengulwe yabulawa,yacwiywa izitho zomzimba, kuboshwe umfana (14).

Kudabukise umphakathi nomndeni  lapho ingane yentombazane ishone khona ngemuva kokuhlaselwa ngesihluku, kanti kuboshwe umfana oneminyaka engu-14 ubudala okusolwa ukuthi uyena obandakanyekayo.

Ngokwemininingwane yomndeni, lo mfana kuthiwa uyisihlobo sengane, njengoba bengabazala abavela komama abangodadewabo.

Kubikwa ukuthi lo mfana uye kubo wengane wayicela ukuthi bahambe bayogijima, wathi bafuna ukuyojogga emgwaqeni. Kuthiwa ingane yahamba naye, kodwa ngemuva kwalokho kwenzeka lesi sigameko esibuhlungu.

Ngokwemininingwane enikezwe umndeni, lo mfana kuthiwa wavuma ngesikhathi ebuzwa ukuthi waqala ngokuyihlasela ngokocansi ingane ngaphambi kokuba iyabulale.

Okunye okudale intukuthelo nokudabuka emndenini ukuthi inkantolo isivumele ukuthi lo mfana adedelwe ngaphansi kweso lomzali, ngenxa yokuthi uneminyaka engu-14 kuphela.

Umndeni usho ukuthi uphatheke kabi futhi awuqondi ukuthi kungani umsolwa esengaphandle ngesikhathi usazama ukubhekana nokulahlekelwa ingane yawo.

#BreakingNews #Crime #SouthAfrica #JusticeForChildren #Izindaba #IsambaneNews

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *