16 Sep 2026, Wed

INTOMBAZANE (17) EHLALA EMGWAQENI IHAMBE IYOCHAMA YASHIYA INGANE NEZIPHATHIMANDLA ZOMKHANDLU EMTUBATUBA

INTOMBAZANE (17) EHLALA EMGWAQENI IHAMBE IYOCHAMA YASHIYA INGANE NEZIPHATHIMANDLA ZOMKHANDLU EMTUBATUBA.

Kutholwe usana oluneviki luzelwe kwesinye sezakhiwo esisedolobheni laseMtubatuba. Ngemuva kokulandelwa kwalolu daba, kutholakale ukuthi unina wengane, olinganiselwa eminyakeni engu-17 ubudala, uhlala emgwaqeni eMtubatuba.

Ngokusho kuka Khansela uMxolisi Mthethwa, ngemuva kokuthola lolu daba wathumela ithimba lakhe ukuthi lilandele unina wengane, ngenhloso yokuthi yena nengane bathathwe bayiswe endaweni ephephile.

UMthethwa uthi namhlanje ubesehamba nabezenhlalakahle kanye namaphoyisa ukuze kuthathwe ingane iyogcinwa endaweni ephephile.

Kodwa kuthiwa ngesikhathi besendleleni, unina wengane ucele ukuyochama. Uthe uma befika ngaphandle, wangena ehlathini wabaleka, washiya ingane neziphathimandla.

UMthethwa uthi idolobha laseMtubatuba libhekene nenkinga enkulu yezidakamizwa, waphinde wakhuluma ngesigameko esenzeke ngoMsombuluko lapho kubikwa ukuthi owesifazane olinganiselwa eminyakeni engu-45 ubudala, obedayisa ematafuleni, wadutshulwa wabulawa.

Kuthiwa abesilisa ababili abalinganiselwa eminyakeni engu-25 bafika ngezithuba zabo-11 ekuseni base bevulela ngenhlamvu, kanti kubikwa ukuthi badubule izikhathi ezingaphezu kweziyishumi.

UMthethwa uphinde waphonsela inselelo abomthetho ukuthi bathole futhi babhekane nezindawo okudayiswa kuzo izidakamizwa eMtubatuba.

Uphinde wanxusa osomabhizinisi abaphakela abantu abahlala emgwaqeni ukuthi bacabangisise ngendlela abasiza ngayo, ethi abanye abantu bathatha ukudla abakunikiwe bakuthengise ukuze bathole imali yokuthenga izidakamizwa.

Ngokusho kukaMthethwa, sebengaphezu kuka-150 abantu abahlala emgwaqeni kuleli dolobha, wathi sekuphume isinqumo sokuthi basuswe eMtubatuba.

Uphinde wanxusa omama abadayisa ematafuleni ukuthi bagxile ekuthengiseni imikhiqizo efana namakhabishi nezinye izimpahla, bagweme ukuthengisa izinto ezingafaka impilo yabantu engozini.

Udaba lwezidakamizwa, abantu abahlala emgwaqeni kanye nobugebengu eMtubatuba luyaqhubeka nokuba yinkinga ekhathaza umphakathi.

#Mtubatuba #KZN #BreakingNews #Drugs #Crime #CommunityNews #IsambaneNews

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *