OWESILISA UBOLEKE IMALI, WANYAMALALA NGEMVA KOKUTHOLAKALA KWESIDUMBU SENTOMBI YAKHE
Kubikwa ukuthi lo wesilisa kuthiwa wezwa ngezindaba zokutholakala kwesidumbu sentombi yakhe silahliwe eBangibizo, wase ephuthuma ukuyoboleka imali komakhelwane.
Kuthiwa utshele omakhelwane ukuthi uya eHarding ezihlotsheni zakhe, njengoba kuthiwa kukhona obeshonile emndenini.
Nokho, kuthiwa lo wesilisa ugcine esenyamalele endaweni futhi akabange esalinda, nokudala imibuzo mayelana nokuthi ukuphi.
Umphakathi uyacelwa ukuthi uma kukhona umuntu ombonayo noma onolwazi ngokuthi ukuphi, azise amaphoyisa ngokushesha.
Abantu bayaxwayiswa ukuthi bangazami ukumubamba noma ukumhlasela ngokwabo. Noma ngabe kukhona izinsolo, kufanele udaba lushiyelwe abomthetho.

#Bangibizo #Harding #Crime #MissingPerson #KZN #BreakingNews #IsambaneNews

