31 Oct 2026, Sat

UDuduzile Zuma-Sambudla ubonakale kwi-Rally ye-EFF eSoweto kulandela ukuxoshwa kwi-MK Party

UDuduzile Zuma-Sambudla ubonakale kwi-Rally ye-EFF eSoweto kulandela ukuxoshwa kwi-MK Party

UDuduzile Zuma-Sambudla, indodakazi yalowo owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma,  ubonakale emhlanganweni omkhulu we-EFF obizwa ngeTshela Thupa Rally obubanjelwe eSoweto namuhla.

Lokhu kuqale kwasabalala ezinkundleni zokuxhumana, kulandela imibiko yokuthi uDuduzile waxoshwa eqenjini iMK Party eliholwa nguyise.

Abanye abasebenzisi bezinkundla zokuxhumana bazwakalise ukumangala ngokubonakala kwakhe emcimbini we-EFF, kwathi abanye basebenzisa leli thuba ukwenza amahlaya ngesimo sezepolitiki ngaphakathi kweMK Party.

Omunye ubhale exwayisa amalungu aphethe izikhundla kwiMK Party ukuthi angazethembi kakhulu, ethi akekho owaziyo ukuthi uBaba, uJacob Zuma, angavuka nini athathe isinqumo sokuxosha omunye umuntu eqenjini.

Lokhu kuphawula kudale ukuhleka nezimpendulo ezahlukene ezinkundleni zokuxhumana, njengoba abantu beqhubeka nokulandela okwenzeka phakathi kukaDuduzile neMK Party.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *