Kusuke inkulumompikiswano ezinkundleni zokuxhumana kulandela amazwi owesilisa othi umuntu akufanele ayijikele i-ANC ngokungayivoteli okhethweni lohulumeni basekhaya oluzoba mhla zingu-4 kuNovemba 2026, kanti sekuyiminyaka izingane zakhe zithola ukudla ngezinhlelo zikahulumeni.

Lo mlisa uthi i-ANC ibambe iqhaza elikhulu ekubeni ngubaba ezinganeni ezishiywe ngoyise, njengoba lezi zingane zithola usizo lokudla ngezinhlelo ezihambisana nohulumeni.
Uthi umuntu onabantwana obesizwa ngalezi zinhlelo akufanele ajikele leli qembu uma sekufika isikhathi sokuvota.
Nokho, omunye umsebenzisi kaFacebook akavumelananga nalo mbono, wathi imali yesibonelelo ayitholayo ayiveli ku-ANC, kodwa ivela enteleni ekhokhwa ngabantu abasebenzayo, naye ebalwa phakathi kwabo.

Ubhale wathi: “Mina Nkosi yami, i-grant ngiyithola enteleni yabantu abasebenzayo, nami ngibalwa nabo. Uma ngithenga esitolo akuyona i-ANC. Niyokhohlisa abangafundile. Ayy, thina!”
Lokhu sekudale imibono eyehlukene mayelana nokuthi imali yezibonelelo kanye nezinhlelo zikahulumeni zokondla izingane kufanele zibhekwe kanjani uma abantu benza izinqumo zokuvota.

Wena uthini ngalo mbono? Ingabe umuntu kufanele avotele iqembu ngenxa yezinhlelo zosizo azithola ngaphansi kukahulumeni?

