I-MK PARTY INGASE ISEBENZISE IZITHOMBE ZIKA-JACOB ZUMA EZIKHUNDLENI SAMAKHANSALA
Kuthiwa uMkhonto weSizwe Party (MK Party) ingase ingazisebenzisi izithombe zamakhansela azongenela ukhetho ezikhundleni ezithile, kodwa isebenzise izithombe zikamongameli weqembu, uJacob Zuma.
Lokhu kuza ngesikhathi kunombango mayelana nohlu lwabazongenela izikhundla zamakhansela, njengoba abanye abasekeli be-MK Party bekhala ngokuthi amagama abantu abekhethwe emagatsheni aguquliwe noma asuswa ohlwini olwaluthunyelwe kwi-IEC. Iqembu selike laqinisekisa ukuthi lolu daba luyaphenywa.
Kuthiwa abanye ngaphakathi kweqembu bakhathazekile ngokuthi uma amakhansela abantu abawaziyo engasekho ezithombeni noma emaphosteni, abavoti bangase bangawazi amagama abantu abazovotela.
Ngokwemibono esabalalayo, abanye bathi kungaba lula kubalandeli ukuthi babone ubuso bukaMsholozi uJacob Zuma njengophawu lweqembu, bese kuthi ngemuva kokhetho kuvele ukuthi obani abamele izindawo zabo njengamakhansela.
Kodwa-ke, lolu daba luza ngesikhathi i-IEC isishicilele uhlu lwabazongenela ukhetho lomasipala lwango-2026, kanti ne-MK Party isaqhubeka nokubhekana nemibango yangaphakathi mayelana nohlu lwamakhandidethi.
#MKParty #JacobZuma #LocalGovernmentElections #2026Elections #News #IsambaneNews

