ABAHLALI BAKULELI BAJABULE NGOKULULAMA KUKARAMAPHOSA NGEMVA KOKUGULA
Abanye abahlali baseNingizimu Afrika bazwakalise ukujabula ngemuva kokuba uMengameli Cyril Ramaphosa eseluleme kulandela ukugula obekumenze wahoxa emisebenzini yomphakathi.
UMengameli Ramaphosa ubemiswe ukuthi angayi emicimbini yomphakathi ngenxa yokungaphili kahle. Ihhovisi likaMengameli lathi ithimba lakhe lodokotela lameluleka ukuba aphumule futhi alulame, ngemuva kokubuya e-India lapho ebehambele khona i-BRICS Summit.
Ngenxa yalokho, abanye abantu ezinkundleni zokuxhumana sebephawule ngesimo sakhe, bemfisela ukululama nokubuyela emsebenzini.
Okwamanje, iHhovisi likaMengameli alikadaluli kabanzi ukuthi ubephethwe yini, kodwa liqinisekisile ukuthi ubelulekiwe ukuba aphumule futhi alulame.
#IsambaneNews #IzindabazeSambane #news #izindaba

