URAMAPHOSA UTHI KUMELE SIKHOMBISANE UBUNTU UKUZE SIGCINE IFA NAMASIKO EZWE
UMengameli Cyril Ramaphosa uthi abantu baseNingizimu Afrika kumele baqhubeke nokukhombisana ubuntu ukuze kugcinwe ifa namasiko ezwe liphila.
URamaphosa ukusho lokhu namuhla, mhlaka-24 kuMandulo, ngesikhathi kuqhubeka imigubho yoSuku Lwamagugu (Heritage Day) eWestern Cape.
Imigubho kazwelonke ibanjelwe e Bongolethu Sport Stadium e-Oudtshoorn, ngaphansi kwendikimba ethi: “Celebrating Our Living Heritage: Strengthening the Ties That Bind Us.” Le ndikimba igxile ekutheni amagugu aphilayo, ubuntu kanye nokwazana phakathi kwabantu kungasiza kanjani ekuqiniseni ubunye nokubumbana kwesizwe.
Usuku Lwamagugu lugujwa minyaka yonke mhlaka-24 kuMandulo, lube yithuba lokuthi abantu baseNingizimu Afrika babungaze amasiko, izilimi kanye namagugu ahlukahlukene ezwe.
#IsambaneNews #IzindabazeSambane #HeritageDay #UsukuLwamagugu #news #izindaba

