22 Sep 2026, Tue

UMALEMA UTHI MABENZELWE  NGOKUSEMTHETHWENI AMAPHEPHA ABOKUFIKA ENINGIZIMU AFRIKA 

UMALEMA UTHI MABENZELWE  NGOKUSEMTHETHWENI AMAPHEPHA ABOKUFIKA ENINGIZIMU AFRIKA 

Umholi we-EFF, uJulius Malema, usephakamise ukuthi abokufika abangekho emthethweni asebevele bekhona eNingizimu Afrika mababhaliswe futhi banikwe amaphepha, ukuze kube nemininingwane yabo futhi kube lula ukuthi iziphathimandla zibalandele uma kwenzeka bephula umthetho.

UMalema ukhulume ngalolu daba ngesikhathi kwethulwa imanifesto ye-EFF e-Inanda, eThekwini, ngoMgqibelo mhla ziyi-19 kuSepthemba 2026. Ubephendula imibuzo mayelana nokubulawa kwabesifazane abayisishiyagalolunye e-Ekurhuleni.

Uthe uma abantu benemibhalo eqinisekisa ukuthi bangobani, iziphathimandla zingakwazi ukuthola imininingwane efana nokuthi umuntu ungubani, uhlala kuphi nokuthi udabuka kuliphi izwe.

UMalema uthe lokhu kungasiza kakhulu uma umuntu esolwa ngokubandakanyeka ebugebengwini, njengoba kungaba lula ukuthi atholakale futhi abhekane nomthetho. Ubuye waveza ukuthi noma umuntu ebalekela ezweni lakubo, kungase kusetshenziswe izinhlelo zokubuyiswa kwabantu ukuze abhekane namacala abhekene nawo.

Kodwa-ke, amaphoyisa aseGauteng asagcizelele ukuthi akukakaqinisekiswa ukuthi wonke la macala ayisishiyagalolunye axhumene, futhi ubuzwe bomunye wabasolwa ecaleni lokuqala eKempton Park bebusaphenywa kusetshenziswa iminwe namarekhodi.

Ngakho-ke, iphuzu likaMalema ligxile ekutheni abantu abakhona kuleli babe traceable, kanti uphenyo lwamaphoyisa lusazoqhubeka ukuthola ukuthi obani ababandakanyekayo kulawa macala.

#IsambaneNews #IzindabazeSambane #news #izindaba

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *