22 Sep 2026, Tue

KUDUTSHULWE KWALIMALA ABAFUNDI ABATHATHU BAKAMATIKULETSHENI EHLUHLUWE

 

KUDUTSHULWE KWALIMALA ABAFUNDI ABATHATHU BAKAMATIKULETSHENI EHLUHLUWE

Kudutshulwe kwalimala abafundi abathathu bakamatikuletsheni baseBukimvelo High School endaweni yaseHluhluwe, KwaZulu-Natal.

Lesi sigameko senzeke ngoMgqibelo ntambama ngesikhathi abafundi bephuma esikoleni, lapho abanye bebelungiselela ukubhala iphepha lePhysical Science. Kubikwa ukuthi abafundi bebeseqenjini ngesikhathi kusondela umsolwa ongaziwa wavulela ngenhlamvu ebhekise kubo.

Abafundi abathathu, okungu Mthethwa Khetha, Hadebe Thandolwethu kanye noMahlaba Sibahle, bathole ukulimala ngesikhathi kudutshulwa. Abanye balimale ezingalweni kanti omunye walimala emlenzeni.

Abafundi baphuthunyiswe esikhungweni sezempilo lapho beqhubeka nokuthola ukwelashwa.

Akukaboshwa muntu mayelana nalesi sigameko, kanti umsolwa usagcwele amathafa. Amaphoyisa ayaqhubeka nophenyo.

UNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Sipho Hlomuka, usigxekile lesi sigameko, wasichaza njengesenzo esinodlame nesingamukelekile esiphazamisa ukuphepha kwabafundi.

UMnyango uthi izikole kufanele kube yizindawo eziphephile lapho abafundi bekwazi ukufunda nokukhula ngaphandle kokwesaba udlame.

UHlomuka uphinde wafisela abafundi abathintekile ukululama ngokushesha, wathi uMnyango uzoqinisekisa ukuthi bayaluthola usizo oludingekayo, okubalwa kulo nokwelulekwa ngokomqondo.

UMnyango uphinde wanxusa umphakathi ukuthi uvele ngaphambili ngolwazi olungasiza amaphoyisa ekutholeni nasekubambeni umsolwa.

 

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *