25 Sep 2026, Fri

UMAMA UKHALA NGEMVA KOKUNQANYULWA UMLENZE WENGANE YAKHE NGODOKOTELA

 

💔😭 “AKULULANGA SHAME” — UMAMA UKHALA NGEMVA KOKUNQANYULWA UMLENZE WENGANE YAKHE NGODOKOTELA, ENGAVUMANGA

Kuzwakala ubuhlungu kumama ngemuva kokuthi ingane yakhe inqunywe umlenze esibhedlela ngenxa yesimo esibi sempilo.

USphesh Ntombela ubike ngokwenzekile, eveza ukuthi umama ubezama ukucela ukuthi umlenze wengane yakhe unganqunywa, kodwa kuthiwa odokotela bachaza ukuthi lesi sinyathelo besidingeka ngenxa yokuthi ubuthi (poison) base bukhuphuka ngomlenze.

Emazwini abhalwe nguSphesh, uthe:

“Eyy akululanga shame, akumnandanga shame 💔🥹 Ma we ngane, besathi uyacela kuthi ingane inganqunywa, kwathiwa ufuna ingane ife vele ngoba poison bunyuka ngomlenze 😭 Kodwa ke siyabonga impilo, siyagoduka Monday 🥹 Hhaa iyadliwa shame imali kuma private hospital, yhoo ngeke ulunge ungena pesal nama medical aid 😢.”

Ngemuva kwalesi sigameko, umama nomntwana kuthiwa bazobuyela ekhaya ngoMsombuluko.

Umthombo: Sphesh Ntombela / Facebook

#IsambaneNews #IzindabazeSambane #news #izindaba

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *