25 Sep 2026, Fri

UNGIzWE UYAZISOLA NGOKUXOSHA ABANTU BOKUFIKA

UNGIzWE UYAZISOLA NGOKUXOSHA ABANTU BOKUFIKA.

UMengameli wamaBhinca, uNgizwe Mchunu,  uthi useyazisola ngesinqumo sokuxosha abantu bokufika ngesikhathi semibhikisho yangomhla zingu-30 kuNhlangulana 2026.

UNgizwe uthi selokhu abanye babo bahamba, usebhekene nenkinga yokuthola umuntu ozomgunda ekhanda.

Uthi nakuba ayebafuna behambe, useyaqaphela ukuthi abanye babo babenamakhono emisebenzini abayenzayo, ikakhulukazi umsebenzi wokugunda izinwele.

“Khona manje bahambile, sekunzima ukuthi ngithole umuntu ozong’gunda ekhanda. Ngiyancoma ut bona, aii, bayalishaya ikhanda, bayakwazi ukugunda,”kusho uNgizwe.

UNgizwe wayengomunye wabantu ababehola imibhikisho yangomhla zingu-30 kuNhlangulana 2026 eyayifuna abantu bokufika abangenawo amaphepha bashiye eNingizimu Afrika.

#IsambaneNews #IzindabazeSambane #news #izindaba#abokufika

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *