πποΈ UKHUZANI MPUNGOSE UDLULISE AMAZWI ENDUDUZO NGOKUSHONA KUKA-ALABASTER ZWANE
Umculi kaMaskandi uKhuzani Mpungose udlulise amazwi enduduzo emndenini wakwaZwane kulandela ukushona kuka-Alabaster Zwane, wathi umkhakha kaMaskandi ulahlekelwe umuntu obambe iqhaza elikhulu ekuphakamiseni nasekukhuliseni umculo wabo.
UKhuzani uthe ukushona kuka-Alabaster akusona isililo somndeni wakwaZwane kuphela, kodwa kuthinta wonke umuntu okulo mkhakha kaMaskandi.
Uthe bazohlala bemkhumbula ngeqhaza alibambile, injabulo, amancoko kanye nokukhuza lapho ebona kukhona abaphuma esandleni.
βMtakaZwane, ngithi alwehlanga lungehli. Ngikhalisana nomndeni, abangani, abaculi kanye nabo bonke abathintekile yilokhu kulahlekelwa,β kusho uKhuzani.
UKhuzani uphinde wathandazela umndeni wakwaZwane, ecela uNkulunkulu ukuthi awuqinise futhi awunike amandla okubhekana nobuhlungu bokulahlekelwa.
βPhumula ngokuthula, Mangethe. ποΈπ Silimele njengomkhakha kaMaskandi.β

