27 Sep 2026, Sun

Ingane Eneminyaka Emine-4 Ishone Ngemuva Kokusha Komkhukhu Odalwe Yizintambo Zikagesi

Ingane Eneminyaka Emine-4 uJoshua Reagan Ishone Ngemuva Kokusha Komkhukhu Odalwe Yizintambo Zikagesi. 

Ingane eneminyaka emine, uJoshua Reagan, kuthiwa ushone ngemuva

kanzima ngesikhathi kusha umkhukhu, umlilo okubikwa ukuthi wadalwa ukusha kwezintambo zikagesi.

Ngokwemibiko, ngesikhathi kuqubuka lo mlilo, umama kaJoshua wakwazi ukuphuma nesoka lakhe. UJoshua yena wasinda kulesi sigameko kodwa walimala kanzima, wabe esiphuthunyiswa esibhedlela lapho achithe khona cishe izinyanga ezimbili elwela impilo yakhe.

Nokho, kubikwa ukuthi uJoshua ugcine eshonile ngemuva kwaleyo mpi ende yokwelashwa.

Kuthiwa izolo ngesikhathi umama wakhe esesibhedlela naye, uJoshua umcele ukuthi ayomthengela iyoghurt. Ngaphambi kokuba ahambe, kuthiwa uJoshua ubambe isandla sikamama wakhe wabe esethinta umlomo wakhe.

Umama wakhe kuthiwa wamqabula ngaphambi kokuba ahambe, kodwa akazange aqaphele ukuthi umlomo kaJoshua wawubanda.

Kubikwa ukuthi ngemuva kwemizuzu emihlanu ebuya, umama kaJoshua wamthola eseshonile. Lesi sigameko kuthiwa simthuse kakhulu umama wakhe, waze wawa phansi waquleka.

Ukushona kukaJoshua kushiye umndeni udabukile njengoba ubesechithe isikhathi eside esibhedlela elwela impilo yakhe ngemuva kokulimala emlilweni.

Umthombo: Facebook

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *