31 Oct 2026, Sat

Owesifazane Uthi Ubaba Owondla ingane ngo-R1 000 uyafana nomuntu ongondli nhlobo

Owesifazane Uthi Ubaba Owondla ingane ngo-R1 000 uyafana nomuntu ongondli nhlobo

Kusuke inkulumompikiswano ezinkundleni zokuxhumana kulandela amazwi owesifazane ogama lakhe linguNtoh Jele, uthi ubaba okhipha u-R1 000 kuphela wokondla ingane ufana nendoda engondli nhlobo.

UNtoh uthi esimweni somnotho esikhona manje, u-R1 000 akuyona imali eyanele yokondla ingane inyanga yonke.

Ubuze ukuthi umuntu angakwazi yini ukuphila ngo-R1 000 inyanga yonke, wathi le mali incane kakhulu uma kubhekwa izidingo zengane.

Uqhube wathi abanye abantu abakwazi ngisho ukusebenzisa u-R1 000 uma bephuza ezindaweni zokucima ukoma, kodwa kube yiyo le mali abacabanga ukuthi ingakwazi ukondla ingane inyanga yonke.

“U-R1 000 yimali yamalume leyo. Izodla nini inyanga yonke leyo ngane? U-R1 000 aniwuphuzi ngisho emataveni, kodwa nicabanga ukuthi ungondla ingane? Noma ningadinwa, okusalayo ukuthi akulungile ukondla ngo-R1 000,” kusho uNtoh Jele.

Nokho, imibono yehlukene ngalolu daba. Omunye ku-Facebook uthe uyavuma ukuthi u-R1 000 mancane kakhulu ekukhuliseni ingane, kodwa wathi akubona bonke abazali abakwazi ukukhokha imali engaphezulu kwaleyo ngenxa yezimo zabo zezimali.

Uveze ukuthi kufanele kubhekwe ukuthi umzali unayo yini imali eyengeziwe kodwa akafuni ukuyisebenzisa ekondleni ingane, noma ukuthi u-R1 000 uyikho konke akwazi ukukukhokha.

Uphinde waveza ukuthi kunezinto eziningi okufanele zibhekwe uma kukhulunywa ngokukhuliswa kwengane ngabazali abangahlali ndawonye.

Omunye uthe yena uthe imali yesondlo kufanele ihambisane neholo lomzali nezindleko zakhe zokuphila.

Uveze ukuthi usebenza kwaGame, uhola u-R6 000 ngenyanga, ukhokha u-R1 200 wendawo yokuhlala kanye no-R600 wezokuthutha, kanti unezingane ezimbili ezineminyaka emine nemibili.

Le nkulumo isivuse umbuzo wokuthi imali yesondlo kufanele ibhekwe ngokwezidingo zengane nangamandla omzali ngamunye okukhokha, kunokuba kugxilwe enanini elilodwa.

Wena uthini ngalo mbono kaNtoh Jele? Ngabe u-R1 000 wanele yini ukondla ingane inyanga yonke, noma kufanele kubhekwe neholo lomzali?

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *