UVelenkosini Hlabisa Unxusa Umphakathi Ukuba Uzwakalise Izwi Lawo Ngokuvota Ngokhetho
Umholi we-IFP, uVelenkosini Hlabisa, uthi abantu kumele bazwakalise izwi labo ngokuvota okhethweni loHulumeni Bezindawo oluzoba mhla zizi-4 kuLwezi (Novemba) 2026.
UHlabisa ubesoThongathi namuhla, ngosuku lokugcina lokubhalisela ukuvota, lapho ehlangane khona namalungu omphakathi ebanxusa ukuthi baqinisekise ukuthi babhalisile ukuze bakwazi ukubamba iqhaza okhethweni.
Uthe ukuvota kuyindlela ebalulekile yokwenza ushintsho emphakathini, njengoba abantu benethuba lokukhetha amakhansela abazobamela emiphakathini yabo. Ugcizelele ukuthi amakhansela akhethwa ngabantu yiwona anesibopho sokuletha izinguquko kanye nokuthuthukisa izinsiza emphakathini.
UHlabisa uphinde wanxusa bonke abafanelekile ukuvota ukuthi bangaphuthelwa yileli thuba, ngoba ikusasa lemiphakathi yabo lisemandleni abo ngokusebenzisa ilungelo labo lokuvota ngosuku lokhetho oluzoba mhla zizi-4 kuLwezi 2026.

