UJACINTA NGOBESE-ZUMA UTHI UGENERAL SIBIYA “YIPHOYISA ELIBOLE PHUHLU, ELILALA NEZINGANE EZINCANE.
UMholi we-March and March, uJacinta Ngobese-Zuma, ugxeke kakhulu uLieutenant-General Shadrack Sibiya, emchaza njengephoyisa “elibolile nelingcolile”.
UJacinta ukhulume kanje namuhla ngesikhathi kuqhubeka iMarch and March eThekwini, lapho ebhekise khona kuSibiya kanye nezinsolo ezibhekene naye.
“USibiya yiphoyisa elibolile phuhlu, nonkosikazi wakhe obolile ohleli naye ngokulala nezingane, sies, yaze yangcola indoda endala,” kusho uJacinta.
USibiya, osamisiwe esikhundleni sokuba yiPhini likaKhomishana Kazwelonke Wamaphoyisa, uvele eRandburg Magistrate’s Court ngesicelo sebheyili.
Ubhekene namacala ahlobene nezinsolo zokuthi waye grooma intombazane eneminyaka engu-16 phakathi kukaJulayi no-Agasti 2026, kanye nezinsolo zokudlwengula owesifazane oneminyaka engu-18 ehhotela eSandton ngoMeyi 2026.
UJacinta uphinde wagcizelela ukuthi akusho ukuthi wonke amaphoyisa abolile. Uthe akhona amaphoyisa awenza kahle umsebenzi wawo, encoma noKhomishana waKwaZulu-Natal uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi, kodwa wagxila ekugxekeni uSibiya ngenxa yezinsolo ezibhekene naye.
Buka ividiyo 👇
https://ezendawo.blogspot.com/2026/09/ujacinta-ngobese-zuma-uthi-ugeneral.html

