UNtokozo Cars uthi Yekani ukufuna ukulawula umndeni ka-Alabaster
“Bafethu, umndeni ka-Alabaster uzilile, ushiwe yilungu lomndeni wawo. Musani ukufuna ukulawula ukuthi umndeni wenzeni noma nifune wenze izinto ngendlela yenu.
Fundani ukuhlonipha imindeni yabantu. Akusikho ukuthi ngoba emakini kukhona enikujwayele ukukulawula, kusho ukuthi ningakwazi ukulawula yonke imindeni.
Labo abathi akushuthwe, kugonqiwe—yilokho engikubona njengokungahloniphi umndeni.
Mina baqeda banginika i-case number, bathi namhlanje u-Alabaster uzokwenziwa i-postmortem ngoba ushonile. Abanye abantu abazibiza ngama-content creators sebevele behlupha, bazenza ama-private investigators angacacile, benza ukushona komuntu kubukeke sengathi yi-prank.
U-Alabaster unomndeni wakhe. Uma umndeni uthi ushonile, sizohlonipha futhi sithathe lokho okushiwo umndeni.
Yekani-ke ukuzenza abaseshi abangacacile.”

