3 Nov 2026, Tue

UMUSA SHUKELA THWALA UTHEMBISA UTSHINTSHO KUBAHLALELI BASE NEWCASTLE

UMUSA SHUKELA THWALA UTHEMBISA UTSHINTSHO KUBAHLALELI BASE NEWCASTLE

UMengameli we-Amandla Awethu Movement (AAM), ophinde abe yilowo oqokelwe isikhundla sobuMeya, uMusa Shukela Thwala, ube nomhlangano nomphakathi waseJobstown, eWard 6, ngaphansi kukaMasipala waseNewcastle.

Ngesikhathi ekhuluma nabahlali, uThwala uthe iqembu lakhe lizibophezele ekuletheni ushintsho ngokubhekana nezidingo zomphakathi, okubalwa kuzo ukuhlinzekwa kukagesi namanzi, kanye nokuvulwa kwamathuba azothuthukisa impilo yabahlali.

UThwala uphinde wanxusa umphakathi wakuWard 6, eNewcastle nasezindaweni ezakhelene nayo ukuthi uvotele Amandla Awethu Movement okhethweni lohulumeni basekhaya oluhlelelwe uLwesithathu.

Uphinde wagxeka indlela uMasipala waseNewcastle obuswa yi-IFP, ngaphansi kobuholi beMeya uCllr Xolani Dube, oqhuba ngayo izindaba zikamasipala. Uthe umasipala wehlulekile ukufeza izidingo zomphakathi.

UThwala uthi Amandla Awethu Movement afuna ukuletha indlela entsha yokuphatha nokubhekana nezinselelo ezikhungethe iNewcastle kanye noMasipala Wesifunda iMajuba.

Buka ividiyo ngezansi ngezansi lapho ezikhulumela khona uThwala👇

 

 

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *