“Abantu Bafuna iMarch and March Ingene Kwezepolitiki” – Bacele uJacinta Ngobese-Zuma Ayibhalise Njengeqembu Lezepolitiki
Sekunabantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana abaphakamisa ukuthi umholi wenhlangano iMarch and March, uJacinta Ngobese-Zuma, abhalise le nhlangano ngokusemthethweni ibe yiqembu lezepolitiki ukuze ikwazi ukungenela ukhetho.
Lokhu kulandela okuthunyelwe nguJacinta ezinkundleni zokuxhumana, lapho eveze khona isithombe esifaka iMarch and March phakathi kwamanye amaqembu ezepolitiki, abantu bebuzwa ukuthi yiliphi iqembu abangavotela lona.
Kuleyo nkulumo, iMarch and March ibonakale ihamba phambili, njengoba abantu abaningi bephawule ngokuthi bakholelwa ukuthi le nhlangano “iyona enengqondo” futhi ingafaneleka ukuthola ukwesekwa uma ingaguqulwa ibe yiqembu lezepolitiki.
Abanye baphawule ngokuthi bazimisele ukuyivotela uma ingabhaliswa ngokusemthethweni, bethi bakholelwa ukuthi izimisele ukulwa nenkinga yabokufika ngokungemthetho nokubeka phambili izidingo zezakhamuzi zaseNingizimu Afrika.
#IsambaneNews #IzindabazeSambane #news #marchandmarch #JacintaNgobeseZuma

